INyuvesi (lisuselwa kwelesiLatini universitas 'iphelele') iyisikhungo semfundo ephakeme nesocwaningo esihlomulisa ngeziqu zakwaNgqondonkulu kuqeqesho lakwaNgqondonkulu oluhlakahlukene. Elithi Inyuvesi lisuselwa emshweni wesiLatini ''universitas magistrorum et scholarium'', osho ukuthi "umphakathi wabafundisi nezazi". Amanyuvesi avame ukunikeza kokubili izinhlelo zezimfunda nezabagogodile.

Amanyuvesi okuqala eYurophu asungulwa ezikoleni ezazigcinwe Isonto ngenhloso yokufundisa abapristi.

INyuvesi yaseBologna kwelamaNtaliyana, eyasungulwa ngowe-1088, iyinyuvesi endala kakhulu emhlabeni esasebenza.

Umsuka wesikhungo esibizwa ngeNyuvesi usentshona lapho igama lesiLathini ''universitas'' elalibhekisela khona "kubantu abazihlanganise baba yinhlangano, umshumanqa, umphakathi weziphepha". [1] Lezi ziphepha, iningi lazo elalihlala emanxulumeni nasezidlidlini, ziqala ukuhloma izinhlangano zabafundi nabafundisi, kwadingeka zibe nezimvume namalungelo angokomthetho wokusebenza, futhi kanjalo lezo zinhlangano zaziwa ngokuthi amanyuvesi. Njengezinye izinhlangano zeziphepha, zazizilawula futhi amalunga zo aneziqu zokufaneleka kwawo.[2]

Namuhla, leli gama lisho "isikhungo semfundo ephakeme esihlinzeka abafundi ngemfundo yezihlokondaba ezingadingi izandla futhi lezikhungo zinamandla wokuthwesa ngeziqu".[3]

Lokhu kusho ukuthi amanyuvesi njengoba siwazi, anomsuka wasentshona, asebenza ngendlela yasentshona, njengoba namuhla sewagcwele uMhlaba wonke.[4]

Ingqungquthela yaseNyuvesi yaseOxford.
  1. Lewis, Charlton T.; Short, Charles (1966), A Latin Dictionary, Oxford: Clarendon Press 
  2. Colish, Marcia L. (1997). Medieval Foundations of the Western Intellectual Tradition, 400-1400. New Haven, Connecticut, USA: Yale University Press. p. 267.
  3. "university, n.", OED Online (3rd ed.), Oxford: Oxford University Press, 2010, http://www.oed.com/view/Entry/214804?rskey=Owl6ZY&result=1&isAdvanced=false, retrieved 27 August 2013 
  4. Ridder-Symoens, Hilde de (1992). A History of the University in Europe (in i-English). 1: Universities in the Middle Ages. Cambridge University Press. ISBN 978-0-521-54113-8.